Inqubo yezezindlu zabantu , yindlela kahulumeni yokusiza ngezindlu esekela amakhaya afisa ukuthuthukisa imixhaso yawo yamasabsidi ngokuzakhela izindlu noma ngokugqugquzelana ngokwabo ukuzakhela amakhaya abo.
Inqubo isiza ukuthi abafuna ukuzuza basungule inhlangano yokusekela kwezezindlu ezobasiza ngokuba nosizo kwinhlangano, ezobuthekniki kanye nezokuphatha. Usizo lubandakanya uqeqesho kanye nokwelulekwa kwabazuzayo ukuzakhela amakhaya abo.
Le ndlela itholakala njengeprojekthi kubazuzi, ngokuhlanganisa, ukwenza izikhungo kanye namasabsidi amaprojekthi. Nangaphezu kwalokho, ibuye itholakale ezindaweni zasemakhaya lapho khona abantu abanelungelo lokusebenzisa nokuhlala kumhlaba abakuwo.
Le nqubo yenza ukuthi usebenzise usizo lwesabsidi ukuzakhela indlu yakho. Ngenxa yokuthi usizo kwezobutheknikhali bubaluleke kakhulu kule nqubo, wonke umuntu obamba iqhaza kwinqubo, kumele abe nenhlangano esekelanayo. Le nhlangano isiza ngosekelo lobutheknikhali ukuqinisekisa ukuthi indlu yakhiwe ngendlela efanele.
Abantu abazakhela izindlu ngokwabo noma abagqugquzelela ukwakhiwa kwezindlu zabo, bangakha izindlu ezinkulu ngemali encane.
ukonga ngezindleko zabasebenzi ngokuthi abantu bayazakhela okunye ngokwabo noma ngokuthola usizo emindenini yabo, komakhelwane, kubangani kanye nabanye abangasizana nani ukugwema ukukhokha inzalo kwabamakontilaki okwakha, kanye nokuthuthukisa izinqumo.
Ngoshadile noma onohlalisana naye, noma ube nabancikile ngokwezimali.
Ube ngumuntu omdala ngokwanele okwaziyo ukungenela ikontraki.
Ube nomholo womndeni ongaphansi kuka-R3 500.
Ningabi ngabathole usizo lwesabsidi yokuthenga indlu kuHulumeni ngesikhathi esedlule.
Ube ngumuntu ofuna ubunikazi bendlu okokuqala ngqa.
Qaphela ukuthi kumele ungenele ikontraki ngokusekelwa yinhlangano esemthethweni Inhlangano esekelayo izosiza ngolwazi lobuchwepheshe kanye nakwezokuphatha.
Izinyathelo okumele zilandelwe xhumana noMnyango wezeZindlu weprovinsi nikeza ngomazizi wakho , yowakwakho kanye nezingane nikeza ngekhophi yesiliphi somholo njengobufakazi bokuthi uyahola.
Isicelo sibonelelwa ngaboMnyango yezeZindlu yeziFundazwe . Isikhathi esidingekayo ukwethula le nkonzo siyehluka-hluka kuye ngodaba nodaba.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
Alikho ifomu lesicelo.
